Skip to content
January 7, 2026
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba

Local Mzansi

Local News and Update

Primary Menu
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba
Light/Dark Button
SUBSCRIBE
  • Home
  • Izindaba
  • Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Zamani January 6, 2026 (Last updated: January 6, 2026) 0 comments


I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe.

UNobhala we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ubize isithangami sabezindaba, wathi isigungu esiphezulu senhlangano njengoba beseNorth West, belungiselela umgubho weminyaka engu-114, uKhongolose wasungulwa sithathe isinqumo sokuthi kubangwe umsindo, kugxekwe abakubize ngesikhulu esenziwe yiMelika.


UKhongolose, uthi lokhu okwenziwe yiMelika, kuphambene nomthetho olawula amazwe omhlaba, futhi kuwuchuku. Ithi akuyona impi eqondiswe ekulweni nokushushumbiswa kwezidakamizwa, kodwa iMelika ifuna ukulawula umcebo waseVenezuela. NoMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa, ekhuluma kubungazwa impilo kaJoe Slovo, owayenguNobhala-Jikelele weSouth African Communist Party (SACP), uthe isenzo seMelika, sesinyakazise amazwe omhlaba. Uthe uJoe Slovo wachitha impilo yakhe yonke elwela ubulungiswa, elwa nokuntuleka kwemisebenzi nendlala, okuyizinto ezikhathaza imiphakathi yethu njengamanje.


“Isinqumo seSACP sokungenela ukhetho ngokuzimela, kungaba yiphutha elingechazeke. USlovo, ukhombise ubuqhawe engumkhuzi woMkhontwe weSizwe, uphiko lwezempi, lwe-ANC futhi enothando lwabantu olusuka ngaphakathi kuyena,” kusho uMengameli Ramaphosa.


Uthe izinhlangano ezingamadlelandawonye, kufanele ziqhamuke namasu okuphucula impilo yabantu, zibambene. ISACP, imemezele ukuthi izongenela ukhetho ngokuzimela ingeyona ingxenye yeANC- lokhu uMengameli Ramaphosa akuchaze ngokuthi ukuzigwaza ngomkhonto wayo.


UMnu Joe Slovo, ushone ngomhlaka 6 kuMasingana (January) ngonyaka we-1995, ngemuva kokuxinwa ngumdlavuza womnkantsha isikhathi eside. Ngesikhathi eshona uMengameli wangaleso sikhathi, uMnu. Nelson Mandela, wayemnike isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu.

Post navigation

Previous: Kulindeleke sande esabafe kudilika ibhilidi eVerulam
Next: Udilikajele kowabulala izaguga eNgwavuma

Related Stories

Dilikajele

Udilikajele kowabulala izaguga eNgwavuma

Zamani January 6, 2026 0
utshwala-980x490

Inhlangano ikhala ngokuthengwa ngokweqile kukatshwala eMzansi

Zamani January 6, 2026 0

You May Have Missed

Dilikajele

Udilikajele kowabulala izaguga eNgwavuma

Zamani January 6, 2026 0
Mbaks-980x655

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Zamani January 6, 2026 0
Screenshot-2025-12-14-155956

Kulindeleke sande esabafe kudilika ibhilidi eVerulam

Zamani January 6, 2026 0
last-dance-980x735

Ubuyela ePMB nezintandokazi oweLast Dance

Zamani January 6, 2026 0
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba
Copyright © 2026 All rights reserved. | ReviewNews by AF themes.