
UBUYELA eMgungundlovu nohlu lwabaculi abanohlonze umcimbi waminyaka yonke wodumo obizwa ngeLast Dance Music Festival ozoba sezinkundleni zemidlalo iRoyal Showgrounds ngomhla ka-31 kwephezulu ngobusuku obandulela uNcibijane.
Umcimbi we-Last Dance uzobe usuwenzeka okwesi-16 kulo nyaka njengoba waqala wenzeka eRichards Bay wadlulela eBallito njengoba usuwenzeka enhloko-dolobha yaKwaZulu Natal.
Lo mcimbi ungomunye wemicimbi osuzakhele udumo ngobusuku bokuhlukanisa unyaka njengoba umsakazo Ukhozi FM nesiteshi sikamabonakude iSABC 1 bevamise ukusakaza nokuqopha bukhoma kuwona.
Kulo nyaka kuboshelwe izintandokazi zabaculi abanye babo abasethubeni lokuhlukanisa unyaka oKhozini FM njengoba abalaleli beqhubeka nokuvotela ingoma ezobafaka onyakeni 2026.

Phakathi kwalabo ababoshelwe kulo mcimbi osuzakhele igama kubalwa Umaafikizolo, Maphorisa, Thukuthela & Jazzworx, Big Zulu, Dladla Mshunqisi, Zee Nxumalo, Goldmax, Dlala Thukzin, Nkeshemba, Professor, Jumbo, Ayanda Ntanzi, Naledi Aphiwe, Skillz, Zakwe, Duncan, Happygal, Sox, Blaq Diamond nabanye abaningi.
UNomalanga Shozi noRobot Booi ngabanye babaphathi bohlelo kulo mcimbi okulindeleke ukuba udonse izinkumbi zabantu. Umsunguli walo mcimbi uMnu Sipho Ndaba uzwakalise ukujabula ngokuqhubeka nalo mcimbi okwesi-16 kulo nyaka.
Uthe lo mcimbi ukhombisa ukukhula minyaka yonke kanti unxusa abantu ukuba nakulo nyaka baphume ngobuningi ukuzohlukanisa unyaka ngendlela ephephile futhi ehambisana nenjabulo yabaculi abathandwayo.
Unxuse abantu ukuba baqhubeke nokuthenga amathikithi eTicketpro, Pick n Pay nasesiSpar bjengoba etholakala ngo-R220.
Uthe kulabo abazowathenga esangweni bazowathenga ngo-R25O. Awezicukuthwane atholakala ngo-R720 kanti o-coolerbox bazongeniswa ngoR100.
Amasango alo mcimbi avukwa ngehora lesithathu ntambama.