Skip to content
January 7, 2026
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba

Local Mzansi

Local News and Update

Primary Menu
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba
Light/Dark Button
SUBSCRIBE
  • Home
  • Ezokungcebeleka
  • Isigcinamagugu saseNcome siwuphawu lokubuyisana

Isigcinamagugu saseNcome siwuphawu lokubuyisana

Zamani January 5, 2026 (Last updated: January 6, 2026) 0 comments

INCOME wumfula ophakathi kwamadoloba iVryheid neNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Ungaphansi kukaMasipala waseNquthu, ngokuklanywa kwemingcele. Umfula iNcome, isizalo sawo sisezintabeni zaseMadlangani (Utrecht), wona uphakela umfula omkhulu uMzinyathi.

Ngesikhathi iLembe, iSilo uShaka kaSenzangakhona, sakha isizwe saMaZulu, umfula iNcome wawungaphansi kwesizwe sakwaMdlalose. Kuthe ngemuva kokuklanywa kwezwe laKwaZulu ngamaNgisi, iziqephu ewu-13, indawo enomfula umfula iNcome, yanikwa isizwe sakwaMbunda (sakwaMolefe). Nanamhlanje iNcome isengaphansi kwesizwe sakwaMolefe.

AmaBhunu ayefuduka esuka eCape Colony, aze afika kwelikaMthaniya, sekuphethe iSilo saseMgungundlovu, iNgonyama uDingane kaSenzangkhona. Ayefuna umhlaba azolima futhi afuye kuwo. Isiqoqo samaBhunu, abalelwa ku-100, afika esigodlweni seSilo uDingane, eMgungundlovu, esasiphakathi kwemifula emibili uMkhumbane neNzololo, eMakhosini, eMahlabathini, ngasekupheleni kuka-1837.

LamaBhunu ayeholwa nguPiet Retief, noGerrit Maritz. ISilo uDingane, sathi uma amaBhunu, efuna ukusikelwa umhlaba, mawahambe ayolanda izinkomo, eNkosini yabaTlokoa, uSigonyela, ezintabeni zaseLesotho.

AmaBhunu ngokusho kukaCJ Muller, encwadini ethi, “500 Years, The History of South Africa”, abuya nazo izinkomo, kodwa awabuyanga noSigonyela. AmaBhunu njengoba ayenezingxoxo neSilo uDingane, ngenhloso yokuthola umhlaba, avunyelwa ukugxumeka amathende, ngaphandle kwesigodlo. Ebusuku ayenomkhuba wokuzungeza isigodlo, ethandaza ethi, “akhipha amadimoni”. Lesi senzo sawo, sayithukuthelisa iNkosi uDingane.

Ngomhla ka-6 kuNhlolanja (February) ka-1838, iSilo uDingane sakhipha umyalelo wokuthi akubulawe amaBhunu ayefike esigodlweni saso, eyocela ukusikelwa umhlaba. Amabutho eSilo uDingane aqhuba abaBhunu angama-70, awabulalela okhalweni laKwaMatiwane. Kulawo maBhunu abulawa, kwakukhona nabaholi bawo uPiet Retief noGerrit Maritz.

ISilo uDingane sabuye sayiphaka impi, ngawo uNhlolanja ka-1838, sayibhekisa ezinkanjiini lapho kwakuhlala khona amaBhunu, KwaNobamba. Kwakunomfula uMtshezi, ezansi nawo, amaBhunu ayewubiza ngeBlaukraans. Amabutho aqoba, abulala amadoda awu-41 amaBhunu, abafazi abawu-56, nezingane eziwu-85.

Lokhu kuhlasela kubizwa “nge-Weenen Massacre’. IWeenen yigama lesiBhunu, elisho isililo. Ukubulawa kwala maBhunu, kwawaqoqa njengoba ayehlakazeke ezindaweni ezahlukene. Kwaba khona iBhunu, u-Andries Pretorius (1798-1853), elaliseNorthern Cape, elaqoqa amanye kwahlelwa, ukuyolwa namabutho eSilo uDingane.

AmaBhunu agxumeka izinqaba (laagers) okhalweni olungasemfuleni iNcome. Amabutho eSilo uDingane, eholwa nguNdlela kaSompisi Ntuli, uNzobo kaSobadla Ntombela, noNongalaza kaMphankomo Mnyandu, ahluleka ukungena ezinqabeni zamaBhunu. AmaBhunu ngaphanbi kokuyolwa eNcome, athandaza kuNkulunkulu, ethembisa ukuthi uma esemnqobile uZulu, ayokwakha izikhungo zokumkhonza, asabalalise neNkolo yobuKhrestu. IMpi yaseNcome yalwa ngeSonto, ngomhla ka-16 kuZibandlela (December) ka-1838.

Esenqobile amaBhunu eNcome, aqala phansi axoxela abantu umlando okungeyiwo ngeMpi yaseNcome. USolwazi uJabulani Maphalala, uDkt Vusi Shongwe, noDkt John Mbuli, kunesifundo abasenza ngeMpi yaseNcome, ngo-1998, e-University of Zululand (oNgoye), bayikhahlela eyokuthi umfula waphenduka igazi. Bathi lokhu ngamampunge, ngoba ishashalazi lempi (battlefield), lapho izinqaba zazigxunyekwe khona, lingamakhilomitha awu-5, ukusuka emfuleni iNcome. Bathi amanzi adungeka, ngesikhathi amabutho kaZulu, ewela umfula, hhayi ukuthi amanzi aphenduka igazi.

Ngomhla ka-16 kuZibandlela wango-1998, uhulumeni waseNingizimu Afrika, ngaphansi kobuholi bephini likangameli uThabo Mbeki, uMnyango wezobuCiko namaSiko, wabiza imbizo enkulu eNcome, ngenhloso yokukhumbula iMpi yaseNcome, ngendlela yokubuyisana.

UGeneral Constand Viljoen, weVryheid’s Front, wayemele umphakathi wamaBhunu. NgoLwezi (November) ka-1999, iNcome Heritage Museum, yavulwa ngokusethethweni, kwavulwa neReconciliation Bridge, esekhona namanje, njengoba kuneNcome Blood River Heritage Site.

IMITHOMBO:
Incwadi: Illustrated History of South Africa: The Real Story.
Incwadi kaCFJ Muller: 500 Years The History of South Africa.

Post navigation

Previous: Inhlangano ikhala ngokuthengwa ngokweqile kukatshwala eMzansi
Next: UMkhwanazi ukhathazekile ngamaphoyisa “angcolile”

You May Have Missed

Dilikajele

Udilikajele kowabulala izaguga eNgwavuma

Zamani January 6, 2026 0
Mbaks-980x655

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Zamani January 6, 2026 0
Screenshot-2025-12-14-155956

Kulindeleke sande esabafe kudilika ibhilidi eVerulam

Zamani January 6, 2026 0
last-dance-980x735

Ubuyela ePMB nezintandokazi oweLast Dance

Zamani January 6, 2026 0
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba
  • Ezemali
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezokungcebeleka
  • Izikhangiso
  • Izindaba
Copyright © 2026 All rights reserved. | ReviewNews by AF themes.