
UKHONONDA ngokugqoza kwabalandeli emidlalweni ye-Afcon oqhubeka eMorocco umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
Uthi lokhu kwenza lo mqhudelwano ubande kungafani nobuse-Ivory Coast ngo-2024.
IBafana idlulele kwiLast-16 ye-Afcon iguqisa ngo-3-2 iZimbabwe koka-group B ngoMsombuluko.
Amagoli eBafana ashaywe nguTshepang Moremi, uLyle Foster no-Oswin Appollis obekuyiphenathi.
AweZimbabwe ashaywe nguTawanda Maswanhise no-Aubrey Modiba weBafana olihlohle ekhaya.
“Kanginawo lo muzwa wokuba semqhudelwaneni engiwuzwe e-Ivory Coast naseGabon, angazi ukuthi ngingayichaza kanjani le nto.
E-Ivory Coast naseGabon umzuzwana nomzuzwana ubuzizwa ukuthi usemqhudelwaneni.
Uma siyojima sisebhasini abantu bebesijabulela bephethe amafulegi, lana akukho lutho, kuyazibandela nje.
Yebo izinkundla zinhle kodwa uma usuyodlala uzibukelwa yizihlalo abantu ababonwa, yingcosana. Mabadedele abantu bangene mahhala.
Inkundla ibidabukisa iBafana idlala neZimbabwe, abantu bengekho. Abafikanga iBafana idlala ne-Angola.
Ikhona imidlalo ebayo nabantu kodwa kweminingi abantu kababi yingxenye yayo.
Kodwa-ke okuhle wukuthi sidlulele emzuliswaneni olandelayo yilokho okumqoka,” esho.