
UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi usezwakalise ukukhathazeka ngamaphoyisa angcolile athinteka ebugebengwini kulesi sifundazwe.
UMkhwanazi ngosuku lukaNcibijane uhambele ebhishi laseThekwini noNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli ukuyohlola isimo nokuqinisekisa ezophepha kwezivakashi ngalolu suku.
Ekhuluma nabezindaba uMkhwanazi uveze ukuthi nakuba besemkhankasweni wokulwa nobugebengu kulesi sifundazwe kodwa kuyakhathaza ukuthi kunozakwabo abathintekayo ezenzweni ezingcolile.
UMkhwanazi ukusho lokhu kulandela ukuboshwa kwephoyisa ngezinsolo zokubamba inkunzi kanti kulandela nokuboshwa namanye amaphoyisa aboshiwe ngesikhathi samaholidi athinteka ebugebengwini.
Uthe kuyakhathaza ukuthi kumele sibophe abanye bethu ngesikhathi lapho kumele ngabe sibambisene nabo ekulweni nobugebengu.
Uthe la maphoyisa aboshiwe aboshwe ngezinsolo ezahlukene okubalwa kuzo ukushayela ephuze utshwala kuya ekubambeni inkunzi.
Uthe elinye iphoyisa eliboshwe liboshelwe ukubamba inkunzi esitolo nokuthumba umuntu.
Uqhube ngokuthi okukhathaza kakhulu wukuthi leli phoyisa belisebenzisa isibhamu somsebenzi ukwenza lobu bugebengu.
Ukubeke kwacaca ukuthi bakuthathela phezulu ukuboshwa kwala maphoyisa njengoba kumele ajaze ngokweqile.
Khona manjalo uMkhwanazi uphinde waveza ukuthi amaphoyisa asebenza ngokuphindiwe ukuqinisekisa ukuthi abathinteka ekubulaweni kwephoyisa KwaMashu bayaboshwa futhi babhekana nengalo yomthetho.
Iphoyisa uConstable Mpendulo Ndlovu wadutshulwa wabulawa KwaMashu ngosuku lukaKhisimusi.
Uthe kuyishwa ukuthi labo okumele ngabo bavikela ubugebengu esifundazweni nabo babhekana nabo futhi baze babulawe.